Sekela Somlomo ohloniphekileyo, amalunga ale Ndlu ahloniphekileyo, akusona isimo esamukelekile ukuthi unyaka nonyaka eNingizimu Afrika sibe nomkhankaso esiwubiza ngokuthi yi-"16 Days of Activism for No Violence Against Women and Children" kodwa ekubeni abantu besifazane kanye nezingane beqhubeka behlukunyezwa mihla namalanga.
Izigameko esizibonayo zokuhlukunyezwa kwabantu besifazane nezingane zisikhombisa ukuthi akumele sibe nje no-"16 Days of Activism for No Violence Against Women and Children", kepha kumele sibe nomkhankaso wezinsuku ezingama-"365 of Activism for No Violence Against Women and Children". [Ihlombe.] Iqiniso ukuthi abantu besifazane nezingane eNingizimu Afrika abavikelekile. Ngisho besemakhaya abo bayahlukuyezwa noma besendaweni abasebenzela kuzo bayahlukunyezwa. Nanoma sebeya ezikhungweni zikahulumeni njengasehhovisi leposi bafike bahlukunyezwe. Kuliqiniso elimsulwa ukuthi ukuvikelwa kwabantwana eNingizimu Afrika yinselelo yomuntu wonke kodwa naye uhulumeni kumele abenendima enkulu ayidlalayo ukuze aqinisekise ukuthi abantwana bayavikeleka futhi bayathuthukiswa.