Ngiyabonga Mhlonishwa lapho ngaphambili, Ngqongqoshe ayikho into ebuhlungu njengokuthila sizodlala. Lana lento yokuthi kulwisana nokuhlukumezeka kwabantu besifazane. Ngikuthola sekuyibhizinisi okutholakala ukuthi kunama-NGO asedla izimali ngakho ngoba bona bajabulela kuphela ukuthi bazohamba benze lama-16 days of Activism kodwa abantu bebe behlupheka.
Lana eMfuleni kuWadi 108 lapho kunomndeni owashiselwa umuzi, kwafa ingane, nomuntu wesifazane. Icala lavulwa ifayili lakhona latshingwa kanye nenombolo yecala. Ngihambili ngenyaka eyedlule ngomhla wezi-5 ngalivusa lelocala. Ngifuna ukwazi lamacala avulwa njalo okudlwengula nokubulawa kwabantu besifazane ukuthi azoqulwa nini. Yini ngempela esijabulisayo thina Ngqongqoshe ukuthi sizohamba sigumbe lolu suku ekubeni uma uthi uyabheka izinto azenzeki. Sikhathele yilendlela yokudlala ngalento.
Sepedi: