esihlala kuleyo ndawo, futhi esakhe kuleyo ndawo asibonisani. Njengoba sisho besisebenza ngama-"silo". Njengoba si-pilotha uma siqala e-O R sabonana namakhosi akhona. Abayingxenye yayo yonke into esasiyenza laphaya, Azoba yinxenye yento esiyenzayo kodwa vele namanje ngokomthetho amakhosi ayahlala eMkhandlwini yomasipala. Noma siya KwaZulu-Natali sahlangana namakhosi, noma sethula oSihlalo bezindlu zezifunda amakhosi ayekhona ezokhuluma kulowo mcimbi. Kodwa sisuke sesihlalilephansi nawo sabonisana. Uma ngingakwenzela nje umzekelo. Ngesikhathi sibona amakhosi aseThekwini akhele iTheku, enye yezintu abayicela ukuthi uma kwenziwa iplani ye -IDP babe yingxenye nemikhandlu yabo besho ukuthi yini nabo abayibonayo ukuthi kufanele ingene ku-IDP.