Ngibonge Sihlalo, ngiyafisa ukudlulisa egameni lesifundazwe sakwaZulu-Natali ukuthi lo mbiko othuliwe yilungu
elihloniphekile uXimbi uyashaqisa. Nanokuthi siyafuna ukuthi abavoti balapha kulelizwe laseNingizimu Afrika babuke isimo sokuphathwa kwabantu eWestern Cape ikakhulukazi kulesi sibhedlela.
Isimo sibi ngeke sifike la kule Ndlu sizopolitika ngokufa kwabantu ngoba khona abantu la abazele ukuzopolitika ngaloludaba lokuthi bayafa abantu laphaya kulesiyasibhedlela ngenxa yokungaphathwa kahle. Abasebenzi abaphathekile kahle ngobanje lesibhedlela sisendaweni yabantu abamnyama. Sifuna ke ukuthi abavoti abalumuke bababuke abantu abafuna ukusebenzisa amandla omuntu omnyama ukuthola ivoti bebe bengenandaba nokuthi umuntu omnyama uphila kanjani la ekhona -okokuqala loko.
Okwesibili, uSihlalo ohloniphekile uXimbi ...
English: