Sihlalo, ngiyaxolisa kepha ngiyacela ngikhuzela yena ukuthi anganginaki ngoba uzizwile izinhlamba ezishiwo imina kodwa awuzizwanga ezishiwo nguyena.
IsiZulu:
USIHLALO WENDLU (Mnu M L D NTOMBELA): Ngizizwile Ma Khawula. Kungakho ngithe makahoxise futhi axolise ngakushilo ngakho ke besengicela nawe uxolise, uhoxise amagama wakho ngaphandle kwemibandela.