Ngicela nithule ... Sizosebenza lapha. [Ubuwelewele.] ngiyaxolisa mhlonishwa ... Hayi, uyazi nje, ... [Ubuwelewele.] ... abantu abavakashile! Izolo kuze kwacaphunwa kusomqulu womthetho, kanjalo nezigaba zakhona, ungaphaphi wena, sihambi - ungaphaphi wena! Namhlanje ayiyikhulumi nhlobo lento lena. Ayikho ilokhuzana, IsiZulu asikho; isiXhosa asikho, iSetswana ne
Sepedi azikho lapha, angeke siyilokhu isikhuluma into eyodwa, mhlonishwa.
Angikhulumi nalabengu amamnyama. Hayi, wena angikhulumi nawe. Wena ufunde into ebhedayo ngoba uyeke ufunda ulimi lwakho ulimi lwakho, wayofunda ulimi lwabizizwe. Lalela wena, leli iPhalamende labantu leli uyezwa, uma ngikhankasa ngikhankasa kubantu bakithi abamnyama uyezwa.
Cha khuza le mbongolo yakho, khuza le mbongolo yakho. Uyadelela lona uyazi wena uzogijima manje. Lalela wena mlungu omnyama. Awuboni yini kuthi nishintshwa izingqondo ngabokufika. Wohamba uyephesheya eRashiya uyobona ukuthi kukhulunywa luphi ulimi, ngoba vele wena uyabheda isikhathi esiningi.
USIHLALO WENDLU (Mnu M L D NTOMBELA): Hon Khawula! Hon Khawula! Hon Khawula, ngiyakucela mama, ... [Ubuwelewele.] Eeh, into yokuba ...