Sihlalo weNdlu, bengicela ukubuza, Sekela Mongameli, ukuthi ukunaba nje kancane ukuthi uzoqinisekisa kanjani ukuthi amathuba emisebenzi neminotho entulayo kuleli iyakhula emalokishini ngoba ontaba kayikhonjwa abakuzwa njengoba uchaza. Ngiyabonga, Sihlalo.
USEKELA MONGAMELI: Ngicabanga ukuthi imizamo yethu yonke yokuthi sakhe lama- Special Economic Zones senzela ukuvula amathuba. Yindawo le ezoba ngaphansi kwesandla sikaHulumeni, lapho sizoletha khona abantu abafuna ukutshala izimali sibenze futhi labo bantu ukuthi
babambisane nabantu bendawo. Futhi kuleyo ndawo-ke siyovulela osomabhizinisi abancane ...
English:
... small enterprises and small, medium enterprises to come into that space.
IsiZulu:
Kuleyo ndawo-ke uHulumeni unikeza amabhizinisi akuleyo ndawo ...
English:
... special dispensation.
IsiZulu:
Okusho ukuthi uma kufanele ukukhokhela amanzi uzokhokha isaphulelo sesilinganiso esincane lapho kuleyo ndawo. Uma kufanele ukhokhele ugesi uzokhokha isaphulelo sesilinganiso esincane ngoba sifuna ukukusiza ukuthi ukhule. Futhi yindawo le esizokwenza i-incubation ukuthi lo somabhizinisi omncane lo simeseke simbone ukuthi uyakhula aze afike ezingeni leli elifana nalaba abakhulu.
Ngaleyo ndlela siyacabanga ukuthi sizowasiza amabhizinisi amancane. Futhi- ke sizothatha isinyathelo sokuthi wonke amabhizinisi akhona
emalokishini, lawo mabhizinisi kufanele abhaliswe, siwazi. Wonke amabhizinisi angekabhaliswa sizowavala. Sizowavala abantu bafake izicelo kabusha, sazi ukuthi kunebhizinisi elinje lifuna ukwesekwa okungakanani.
Thina futhi singuHulumeni sifuna ukuthi ukuhlinzeka ngemakethe ezintweni ezifana, umangabe kunabantu abanama-bakery, uHulumeni uzosithenga isinkwa ukuze ahlinzekele abantwana laphaya ezikoleni. Uma kukhona abantu abalimayo, abalimi abancane, uHulumeni uzozithenga leyo mifino ayiyise ezibhedlela zakhe, ayiyise ezikoleni.
Thina-ke sizohlinzeka ngemakethe yokuqala. Umangabe kukhona umuntu owenza izitini esivunyelwe, thina leso sitini sizosithenga siyokwakha umuzi wethu we-RDP. Uma senza yonke imisebenzi sifuna ukuthi impahla esisebenza ngayo siyithole khona lapho kuleyo ndawo. Uma bengekho labo bantu sizobasiza ukuthi baqale amabhizinisi abo amancane, basikhiqize isitini, i-frame, ukuze sikwazi ukuthenga kubo uma senza umsebenzi kaHulumeni. Yileyo ndlela- ke esiyosiza ngayo abantu. Ngiyabonga. [Ihlombe.]
English: