Thank you. Hon member?
IsiZulu:
Ngiyabonga Sekela Somlomo, bengithi ke ehhovisini likaNgqongqoshe benginesicelo nje sokuthi ngibone ukuthi njengoba bekuhlanganiswa imikhakha emibili uMnyango Wezokuthuthukiswa Komnotho kanye noMnyango Wezohwebo Nezimboni, uMnyango kaNgqosheshe uqhubeka kanjani ukusisiza ukuthi umsebenzi uqhubekele phambili ngendlela efanele? Ngiyabonga.
Thank you. Any other question?
Minister ... Deputy Minister?
IsiZulu:
USEKELA NGQONGQOSHE WEZOHWEBO NEZIMBONI (Nk N Gina): Ngiyabonga Sekela Somlomo angiqale ngombuzo lowo wokugcina ukuthi: Ihlanganiswa kanjani iMinyango? Ngiyathanda ukuphendula ukuthi i-organogram yeMinyango yomibili isiyenziwe eMnyangweni wethu ... [Ubuwelewele.] Anizwa kahle? Isiyenziwe i-organogram. Njengamanje isithunyelwe eMnyangweni Wemisebenzi Kahulumeni Nokuphathwa Kwayo lapho silindele ukuthi ivunywe