House Chairperson, hon Minister and the House at large, our public health system in South Africa is in crisis. There is little to no indication of this sector facing the reform needed.
People do not trust our health sector in South Africa but have no alternative other than to use it.
IsiZulu:
Ngqongqoshe, eKwazulu-Natal sithi asibonge ukuthi ukhona uPhila Mtwana laphaya emtholampilo ukuze kuyofika ezinkulisa. Siphinde sibonge ukuthi uNgqongqoshe uzibophezele ukusebenza namakhosi nabo bonke ngoba siyabona nezinga lokusokwa liyanda. Siphinde sibonge sikugcizelele futhi ukuthi uNgqongqoshe awaqinise amaxhamu phakathi kwabalaphi bendabuko nabezenkolo ngoba abalaphi bendabuko bazosebenza ngemithi, odokotela bazosebenza ngokwesiZulu bese kuba khona laba bezenkolo ...
English:
... to heal the spiritual parts. The Health Professions Council of South Africa, HPCSA, for instance, has serious allegations against it. The HPCSA allegedly passed racist and stereotypical remarks to qualified foreign- trained doctors, solicited open bribery by telling graduates that "people who pay get attended to". The HPCSA also favour those who have political connections to jump the queues to write board exams with exam questions are subsequently leaked to those who pay or are politically connected. Quite simply this is unconstitutional. Bribery, racism, patronage and political favours
in any institution will not be tolerated. What is more damning is that the HPCSA is meant to have the highest possible stands of professionalism. In essence, the HPCSA is saying that it does not place the values of our Constitution, professionalism, quality of service and standards at its epicentre of its work.
IsiZulu:
Ngqongqoshe, esihlale sikuzwa la yimibiko ethi, noma sihambile saya emitholampilo sima emigqeni emide ekugcineni imithi singayitholi. Kodwa ngithokozile ngoba uNgqongqoshe uyakwazi lokho, uzokulungisa. Laphayana ezibhedlela nasemitholampilo kuyashoda, Khabazela, abekho abahlengikazi abaqeqeshiwe, abekho abantu, yingakho nje kukhona lenkinga. Esangakhithi nje isibhedlela sibizwa ngesilaha ngoba imithi ayikho nabahlengikazi bayashoda kodwa umnyango uyikhiphile imifundaze abaziphothulile izifundo zabo nabaqashiwe baqashwe ngesivumelwano esikalelwe isikhathi, ake nibenze ukuthi baqashwe ngokugcwele unaphakade ukuze basebenze ngokuzimisela. Ngiyafisa ukuthi uNgqongqoshe akuqikelele lokhu kokuthi umnyango lona usuhlala unamacala ngenxa yabantu abangazinikele emsebenzini. Kunaleli cala nje elise-R K Khan Hospital eThekwini. Okunye okudalwa ngabantu abangaxinikele emsebenzini. Ngakhoke siyacela ukuthi lomnyango ukulandelele lokho. Okunye okungenziwa wukuthi uma umuntu esenze icala angayi kwenye indawo ayomosha kwenye indawo, akahambe ayohlala
ekhaya ngoba manje uma ezobuya ayomosha kwenye indawo kade eshiyile emoshile kwenye, ngeke sikuvume lokho. Okunye, Ngqongqoshe, uma abantu bethatha umhlalaphansi la kwezobuhlengikazi ziyamiswa zingagcwaliswa lezozikhala, kwenziwa yini lokho? Bese sililindela kanjani izinga eliphakeme lomsebenzi wesibhedlela?
English:
Furthermore, the IFP calls on the department to place all graduates who hold bursaries with the department before the medium-term budget reports. The department must work together with SA Police Service, SAPS, to ensure that ambulances are fitted with tracking devices and emergency panic buttons. [Time expired.] The IFP supports this Budget Vote so that these issues raised are resolved urgently. [Interjections.]