Ngibonge Somlomo, Ngqongqoshe le-Education Collaborative Framework esikhuluma ngayo sicabanga ukuthi isibeka eqophelweni njengezwe laseNingizimu Afrika ukuthi ngempela sibone ubudlelwane obukhona phakathi kosomabhizinisi kanye noMnyango.
Kodwa-ke Ngqongqoshe izinto ezinhle ezinjengalezi ziye zisishayise uvalo ngesinye isikhathi mayelana nokuthi senza kanjani ukuthi zizinze? Ngishawa uvalo nje uma ngicabanga ukuthi kubo bonke laba babambiqhaza obabalile, uma sekuza odabeni lokuzinikela nokuphendula uzokubuka kanjani lokho? Ubani oholayo? Ingabe uMnyango wakho noma omunye wababambiqhaza?
Ngibuza ngoba phela asithandi ukubona into enhle kanje inyamalaliswa umbango wokuthi ubani ohola loku kubambisana noma ubani onamagunya amakhulu.
Ngale kwalokho-ke nje ngicela ukuncoma kakhulu uMnyango ngokuqhamuka nohlelo olunje oluzokwazi ukusixazululela izinkinga esinazo kwezemfundo ikakhulukazi kungqalasizinda eshodayo kwezemfundo. [Kwaphela isikhathi.] (Translation of isiZulu paragraphs follows.)
[Ms N GINA: Thank you, Speaker. Minister, we think that this Education Collaboration Framework has placed us at a higher level as South Africa so that we can see the partnership between the businesses and the department.
However, Minister, good things like these sometimes make us feel uncomfortable when we think of how to make them sustainable. I become uncomfortable when I think of all the stakeholders you have mentioned. When it comes to the issue of commitment and accountability, how are you going to monitor that? Who is in charge? Is it someone from your department or one of the stakeholders?
I'm asking because we don't want to see something this good coming to an end because of the conflict regarding who is in charge of the partnership or who has more authority.
Other than that, I want to thank the department for coming up with a programme which will solve the problem we are faced with in education, especially with regard to inadequate infrastructure in education. [Time expired.]]