Okwesibili, yisitatimende sikaMhlonishwa u-James, esithi uKhongolose awukhiphe uhla lwawo. UKhongolose unenqubo yokuphakamisa amagama abantu; abantu abenziwa inhlolokhono yiqeqebana labantu okuyilo elizokwenza isinqumo sokuthi ngobani abazoba ngamaLungu ePhalamende. UKhongolose umele abantu baseNingizimu Afrika. Okunye futhi ukuthi ngeke sithathe abanye abantu bamanye amaqembu kube yibo abazomela ukuba ngondunankulu, kodwa uKhongolose uthatha amalungu ngaphakathi eqenjini ukuba babe ngondunankulu. [Ihlombe.]