Asizibongele Mgcinisihlalo weNdlu, ngifisa ukusho ukuthi bekungasimangaza uma ngabe besivumelana nalaba abangapha kwesandla sami. Ngiphinde ngisho ukuthi kuningi ekusafanele sikufunde siyizakhamuzi zaseNingizimu Afrika. Akusho ukuthi uma sithi naba abantu abasohlwini abazibeka bona ukuthi babe sebhodini ye-MDDA. Uma sivumelana ngamagama athile akusho ukuthi uma sesihlezi nabo sixoxisana nabo sekuyoba njalo. Akukaze kushiwo kanjalo. Ngiyakweshwama nje lokho.
Angiqale ngokuthi umhlonishwa obesanda kusuka lapha othe uMnumzane Manyi, ngokokusebenza kwakhe usebenza ezingeni eliphezulu kakhulu. Akukho okunye obekumkhathaza ngaphandle kwalokho, kodwa okunye angakushongo ukuthi vele laba abangapha kwesandla sami uma ngabe amaqiniso esekhulunywa ngabantu abamele umphakathi waseNingizimu Afrika bayoba nenkinga. Lokhu ngikusho ngoba ngiqonde ukuthi uMnu Manyi lo esimncomayo kule Ndlu ehloniphekileyo sithi makabe ebhodini le-MDDA. Uzibonakalisile khona belu ngokuqinisekisa ukuthi kuba noguquko lokuthi labo abakade bevaleleke ngaphandle ezintweni, embusweni kanye nasemnothweni, manje sebekhona ekulawuleni leli lizwe futhi bahlahla indlela. Ngisho ukuthi kuqinisekisiwe ukuthi amaphepha la esiwafundayo ingxenye enkulu yakhona uhulumeni uyinikeza amaphepha asemiphakathini yethu esiyibiza phecelezi community print media.
Ngiqhubeke ngithi unolwazi olunzulu, olusabalele futhi olunothile - alusabalele nje lunganothile - ekuqondeni ukuthi imiphakathi yethu kwezamaphepha, nemisakazo nomabonakude yini eyidingayo. Uma ngabe sesibungaza iminyaka eyishumi nambili sisembusweni wenkululeko yentando yeningi, uMnu uManyi uzoqinisekisa ukuthi le ndaba esithi yinhle mayixoxwe izwe lonke lingufakazi ... SinguKhongolose siyaleseka igama likaMnumzane uManyi. Ngiyabonga. [Kwaphela isikhathi.] (Translation of isiZulu paragraphs follows.)
[Ms M R LESOMA: We thank you, House Chairperson. I wish to say that it would have been a surprise if we agreed with the opposition. Let me say this again and that is that there's a lot which we must learn as the citizens of South Africa. It doesn't mean that if we say these are the people who are on the list, they nominated themselves to be on the MDDA Board. If we agree on certain names, it doesn't mean that if we meet with them, they will automatically be on the Board. It was never said like that. This is news to me.
Let me start by saying that the hon member who has just left, said that Mr. Manyi, as far as his work profile is concerned, usually holds high profile positions. Nothing else bothered the hon member, but what the hon member didn't mention was the fact that indeed the opposition, if the truth be told by the people who represent South Africans, will always have a problem. I'm saying this because I wish to state that it is Mr Manyi who we recommend in this august House to serve on the MDDA Board. He presented himself very well by ensuring that there's a change for those who were deprived of opportunities in government and in the economy. They are now part of the government of this country and they are also leading. What I mean is that it is confirmed in the newspapers we read that the government is giving a big part of them to our community print media.
Let me continue by saying that he has vast knowledge and a wealth of experience - not just broad without being rich in understanding - in respect of what our communities need regarding newspapers, radios and television. When we celebrate the twenty years of democracy, Mr Manyi will ensure that the good story is told and that the whole country witnesses that ... The ANC supports the name of Mr Manyi. Thank you. [Time expired.]]
Question agreed to (Democratic Alliance, Independent Democrats, Freedom Front Plus and Inkatha Freedom Party dissenting).
Mr Jimmy Manyi accordingly recommended for appointment to the Media Development and Diversity Agency Board.