Mam' uSihlalo, bengithi angizibuzele nje la kuNgqongqoshe kususela empendulweni yakhe, njengoba ethi bazoqinisa amaxhamu okuxhumana phakathi kwamaphoyisa nomphakathi, ubona ukuthi lokhu kuzokwenzeka kanjani njengoba ngikhuluma manje ubudlelwano phakathi kwamaphoyisa nomphakathi bububi kangaka. Okwesibili ukhuluma ngokwenza ngcono umsebenzi wamaphoyisa, lokhu abathi phecelezi, i-professionalisation, ubona ukuthi uzokwenza kanjani lokhu nxa umholi wamaphoyisa engesilona iphoyisa. Phela ukuze lokhu kwenzeke kahle okokuqala kufanele ukuthi loyo ophethe amaphoyisa kube elinye iphoyisa eliqondayo ukuthi ubuphoyisa nesiphoyisa kusebenza kanjani. Ngiyabonga.
UNGQONGQOSHE WEZAMAPHOYISA: Ngibonga kakhulu kumhlonishwa, umhlonishwa uMncwango, kulokhu akubuzayo. Empeleni kuyiqiniso ukuthi ubudlelwano phakathi kwethu singamaphoyisa nomphakathi kusenebanga elide okufanele sisebenzele phezu kwalo. Kodwa lapho mina nawe singeke, mhlawumbe sivumelane kahle khona, mkhaya wami, ukuthi angeke sithi bubi ngendlela sizesifune ukukuqhathanisa nalesiya sikhathi sikahulumeni wengcindezelo. Empeleni lide ibanga eselihanjiwe ukuzama ukukhuculula nokugeza insila yobuso bamaphoyisa ukufika kulesi simo esikuso namhlanje. Lokhu akusho ukuthi konke sekulungile kuphelele. Kusho ukuthi kusadingeka ukuthi kusetshenzwe kodwa izinhlaka ekufuneka ukuthi zisetshenziswe yizo izinhlaka zomphakathi njengo-community policing forum kanye nezinhlangano zenu enihlala kuzo emphakathini, kanye nalezi zenu zezombangazwe. Kufanele zisondele ekusebenziseni nokusebenzisana namaphoyisa ngoba umsebenzi wokwakha isimo sokuphepha emphakathini esakhe kuyona kungumsebenzi wethu sonke. Akuwona umsebenzi okuthiwa uzokwenziwa yiphoyisa ngoba nakhu lifake iyunifomu kodwa ngumsebenzi wokuthi endaweni engihlala kuyo senza kanjani ukuthi kube khona isimo sezokuphepha.
Udaba lokugcina, kule nto oyishoyo mayelana nokuthi umholi wamaphoyisa kufuneka kube ngumuntu onjani, hhayi singaphikisana kuze kushone ilanga impela, ngakho-ke ngizocela ukuthi ngingangeni kuleyo ndawana ngoba angeke isisize ngalutho. Okubalulekile ukuthi amaphoyisa njengenhlangano kufanele aholwe futhi ahambe ngendlela ethize ukuze abe yithuluzi lokuthuthukisa intando yeningi kanye nokwakhekha kwesimo esiyisonasona okufanele siphile ngaphansi kwaso ... [Isikhathi siphelile.] (Translation of isiZulu paragraphs follows.)
[Mr M A MNCWANGO: Madam Chairperson, I just wanted to ask the Minister, based on his response when he said that they will reinforce the communication structures between the police and the community: How do you intend doing that, because as I'm talking now the relationship between the police and the community is very bad. Secondly, you talk about professionalisation of the police: How do you intend doing this when their leader is not a police officer? For this to happen in the right way, their Police Commissioner must come from the ranks of the police officers who understand how police officers perform their duties as well as how the police service operates. Thank you.