Sihlalo, ngibingelela iNdlu kanye noNgqongqoshe abasivakashele namhlanje nabasebenzi bakahulumeni. Ilungu eliqeda ukusuka lapha elisuka kuleli qenjana elisafufusa alivumi ukuthi kuningi osekwenziwe uhulumeni we-ANC. Umbuso we-ANC kuphela onakekela izakhamuzi zaseNingizimu Afrika. I-ANC kuphela futhi eyenza i-Freedom Charter ngonyaka ka-1955 iveza imigomo yokuthi thina siwuKhongolose sizobaphatha kanjani abantu umangabe senza imithetho futhi siphucula nezimpilo zabo.
Ngaphansi kukahulumeni wencindezelo ugogo wami, Ngqongqoshe, wayehola imali eyi-R120 emuva kwezinyanga ezimbili. Umkhulu wami waze washona engumantshingelana e-Union Carriage, e-Nigel ezama ukuthi abe nemali, kepha ngaphansi kukahulumeni we-ANC ogogo nomkhulu bethu cishe sebezohola inkulungwane yamarandi ngoba kuyaziwa ukuthi yibona abanakekela imindeni. Ngaphansi kukahulumeni wamabhunu izingane zazingenawo amalungelo futhi kungacatshangwa nokuthi kufanele zidle zithole nobisi, kepha kunele kwaphatha uhulumeni we-ANC izingane sezithola isondlo lesi esibizwa phecelezi nge-child support grant.
Ngaphansi kukahulumeni wencindezelo yayingekho imithetho eyayenzelwe ukuthi izingane ziphile kangcono, kepha selokhu kwabusa i-ANC sesenze imithetho efana noMthetho Wezingane ukuze izingane ziphile impilo engcono. Ngisho nayo imthetho yamazwe omhlaba ebhekele amalungelo ezingane ebizwa phecelezi nge-Convention on the Rights of the Child, uhulumeni oholwa i-ANC owabamba iqhaza ekusayindeni lezo zivumelwano.
UNgqongqoshe usechaze kabanzi ngemithetho esiphasisiwe ebhekelele omkhulu nogogo bethu ofana nalona esiwubiza nge-Older Persons Act, lapho kugcizelelwa khona ukuphathwa kahle kwabantu asebekhulile - bangabhekwa njengabathakathi njengoba kwakwenziwa ekuqaleni. Lokhu kwenziwa ngaphansi kukahulumeni ophethwe i-ANC. I-ANC kuphela eyaziyo ukuthi abantu abampofu bayanakekelwa futhi ibakhuthaza ukuthi bavuke bazenzele ngoba ngeke bayithole behlezi ekhoneni. Konke lokhu kwenzeka ngoba uKhongolose kuphela onakekela abantu.
Uma ngiphetha-ke, kungensuku zatshwala sizobe sesiphasisa umthetho owenza ukuthi abesilisa nabesifazane nabo bathole imali elinganayo umangabe befika eminyakeni engama-60. Lokhu kwaba esinye sezinqumo ezathathwa ePolokwane lapho savumelana khona ukuthi nabesilisa bayayidinga imali ukuze nabo basize ekondleni izingane. Yebo, khona abanye babo sebekhulile ngakho ngeke besakwazi ukubheja. Ngethemba ukuthi bazosizana nogogo bethu ukuze izingane zikwazi ukudla. Lokhu kwenziwa ukuthi uhulumeni we-ANC uyanakekela futhi uthanda bonke abantu. Umsebenzi omuhle wenziwa kuphela uhulumeni ophethwe i-ANC. Ngiyabonga. [Ihlombe.] (Translation of isiZulu speech follows.)
[Ms N F MAZIBUKO: Chairperson, I greet the House, Ministers present here as well as government officials. The speaker who spoke before me, who is a member from a small budding political party, does not agree that the ANC- led government has done a lot. It is only the ANC-led government that caters for the South African citizens. It is also the ANC only which wrote the Freedom Charter in 1955 which sets out the principles of how we as the ANC were going to govern when we are drafting legislation and making the people's lives better.
Hon Minister, under the apartheid government my grandmother received R120 after two months. My grandfather worked as a security guard at Union Carriage, in Nigel, and he died whilst he was working there because he was trying to supplement his meagre pension. But now under the ANC government our grandparents are getting almost a thousand rand because we know that they are the ones who look after their families. Under the apartheid government children did not have rights and it was not even in its mind that children eat and that they need to get milk, but soon after the ANC government took over, the children started receiving the child support grant.
Under the apartheid government there were no laws which were made to better the lives of children, but since the ANC took over, we have passed laws such as the Children's Act so as to make the lives of children better. It was also the ANC government which adopted the Convention on the Rights of the Child.
The Minister has elaborated in detail about the laws that have been passed such as the Older Persons Act which is about treating the older persons in a dignified manner without them being labelled as witches as was the case in the past. This is done under the ANC-led government. It is only the ANC which knows that destitute people are to be taken care of and also encourages them to do things for themselves because they will not get paid for doing nothing. All this is happening because it is only the ANC that cares for the people.
In conclusion, in no distant future, we shall be passing an Act which allows both males and females to get the same amount of money when they reach 60 years of age. This was one of the resolutions adopted at the ANC conference in Polokwane where we resolved that even males do need money in order to support their children. It is indeed true that some of them are old therefore they are no longer able to bet. I just hope that they will work hand in hand with our grandmothers to see to it that children get food. This is because the ANC government cares and loves everybody. The ANC government does its job well. I thank you. [Applause.]]