Hon Chairperson, in isiZulu we say...
... kubongwa okuncane kubongwe okukhulu. Lesi sabelomali esibonakala siyizigidigidi eziyi-12 ungasibona sengathi sikhulu kepha sincane, Madlokovu. Nakuba sincane sinjalo, thina be-IFP sithi asisamukele, siseseke.
Sithi sincane nje, mhlonishwa, laphaya kusomqulu oqukethe esikubiza ngokuthi phecelezi i-annual performance plan yoMnyango kukhona imiklamo okuthiwa iyavuselelwa, kubhalwe nje ukuthi "under construction". Kule miklamo kubalwa uPongolapoort. (Translation of isiZulu paragraphs follows.)
[... everything is appreciated, irrespective of its size. This budget of R12 billion, which appears to be a lot of money, is in fact not much, Madlokovu. But, as little as it is, we in the IFP support it.
Our reason for saying that it is little, hon Minister, is that in the Annual Performance Plan of the department, there are sites listed as being reconstructed; there is a text that reads thus: "under construction". These sites include Pongolapoort.]
Ek weet nie wat "poort" is nie. [I do not know what "poort" is.]
Kodwa ngokwakithi sithi iJozini dam. Uyabona mhlonishwa, uBaba uMadiba (clan name), ongomunye wabasunguli benkululeko yethu, wenza into enhle kabi ngonyaka we-1994 wakha ama-water schemes. Enye yalama-water schemes kuthiwa iShemula Water Scheme. (Translation of isiZulu paragraph follows.)
[But we call it Jozini Dam in our language. You see, hon Minister, Mr Madiba, one of the founders of our democracy, did something very good in 1994 in ensuring that water schemes were built. And one of these water schemes is called Shemula Water Scheme.]
But, for four years now, that water scheme has been dysfunctional.
Amanzi ezindlini awasekho. Mhlonishwa, Mphephethwa ... [There is no longer water in the households. Hon Minister, Mphephethwa (clan name) ...]
... can you imagine ...
... KwaDambuza niphelelwe amanzi ezindlini eminyaka emine. ... [not having water in the households at KwaDambuza for four years?]
That should have made KwaDambuza ungovernable.
Kodwa laphaya, akwenzekanga - abakwenzanga abantu lokho. Phezu kwalokho, mhlonishwa, akuwona nje amanzi kuphela inkinga kepha nokuphepha kwabantu kuyinkinga. Mina nje ngingowaseJozini, amanzi kithi endlini awasekho. Sengize ngaqasha abantu ukuthi bangiphelezele ebusuku uma ngifuna ukuyozikhulula, ngoba phela angikwazi ukuzikhulula endlini. Ngiqashe abantu ukuthi bangiphelezele ukuze ngikwazi ukuphumela ngaphandle ebusuku. [Uhleko.] (Translation of isiZulu paragraph follows.)
[But, it didn't happen there - people didn't do it. Water is not the only problem, hon Minister, but people's safety can also be added to that. I am also from Jozini; there is no water in our house. I have resorted to employing people to accompany me at night when I need to answer the call of nature, for I can no longer use the toilet in the house. I have employed people to go outside with me at night. [Laughter.]]