Abanawo ngisho amanzi okuthi izingane ziphuze ziye esikoleni. Kunemizi kusigceme 54 engenawo amapayipi okuchitha indle nokungcola kepha inkontileka yafika yazofaka lawo mapayipi. Ekugcineni le nkontileka yayithola imali yayo kepha umsebenzi wokufaka amapayipi okuchitha indle nokungcola yayingawuqedile ngoba izitamukoko aziphelile ukwakhiwa; abantu bancincelwa yindle.
Kunendawo eku-Ward 62 okuthiwa i-Fraser. Kuleyo ndawo akukho ntuthuko, akukho lutho. Kunendawo okuthiwa i-Lenasia eThembelihle nakhona kunezinkinga ezifanayo, akunamanzi, akunazindlu zangasese, akunalutho. Yingakho siyi-EFF sithi asisiphasisi lesi sabelomali ngoba abantu bayahlupheka, abanayo intuthuko. [Ihlombe.] (Translation of isiZulu paragraphs follows.)
[Ms M S KHAWULA: They don't even have water for the children to drink or to take to school. There are households in Section 54 which have no sewerage pipes, even though a construction company came to install those pipes. That company got its money although it did not complete the installation of the sewerage pipes and people now have a problem of leaking sewage. There's an area in Ward 62 called Fraser. There is no development in that area; there is nothing. There is a place called Lenasia in Thembelihle that also does not have toilets; in fact, they have nothing. That is why, as the EFF, we do not support the Budget Vote because people are experiencing hardship and there's no development. [Applause.]]