Sihlalo nabahlonishwa bonke abaseNdlini, siyi-EFF asisamukeli lesi sabelomali se-Voti 38. Inkinga ukuthi abantu bala eNingizimu Afrika basahlupheka abakakayitholi inkululeko. Njengokuthi nje amanzi abanawo, izindlu zangasese abanazo, kusukela ngonyaka we-1994 awukho umehluko.
Abantu abagulayo abakwazi ukuphuza amaphilisi ngenxa yokuthi amanzi awekho. Ezindaweni zasemakhaya uthola ukuthi ngenhla kwimifula emikhulu abantu bayageza ngezansi kunabantu abaphuza la 'manzi. Izingane zesikole kusigceme 4 e-Bergville 4, azinawo amanzi okuphuza. Uma amanzi ephelile emathangini kufanele zihambe nemifaniswano yesikole ziyokha amanzi emfuleni.
Abantu abahlala emarenki, abantu abafikela emarenki kanye nabantu abagada amatekisi, abanazo izindlu zangasese, abanawo amanzi futhi abanazo nezindawo zokukhosela.
Kusigceme 58 e-Waterloo, kunezinkinga ezifanayo, amarenki akhona awakhonkiwe, akunazindlu zangasese, akukho lutho eminyakeni eyisikhombisa behlala khona.
Emalokishini esisuka kuwona abantu abanawo amanzi. Abantu ababenamamitha bakhishelwa amamitha bashiwa bengenamanzi. [Ubuwelewele.] (Translation of isiZulu paragraphs follows.)
[Ms M S KHAWULA: Chairperson and all the hon members in the House, as the EFF we don't support Budget Vote No 38. The problem is that the people of South Arica are still experiencing hardships and they have not yet attained freedom. For example, they don't have water or toilets, and there has not been any improvement since 1994.
Sick people are unable to take their pills, because there is no water. In the rural areas you find that some people wash themselves in the upper part of the river, while people further down the river have to drink the very same water. The school children in Section 4 in Bergville have no drinking water. If there is no water left in the water tanks, they have to walk in their school uniforms to fetch some water from the river.
People who are at the taxi ranks, those who come to the taxi ranks and those who look after the taxis, do not have access to toilets, water and shelter.
In Section 58 in Waterloo, there are similar problems - the ranks are not tarred, there are no toilets, and there has been no improvement in the seven years that they've been there.
People have no water in the township where we come from. People who had water metres no longer have them, because those meters were removed and they were left without water.] [Interjections.]]
The HOUSE CHAIRPERSON (Mr C T Frolick) Order, hon members!