Ukuthi, bakhona yini abalana ekhaya eNingizimu Afrika nabo mhlawumbe abazakhayo lezi zinto ozidingayo emnyangweni enike nahlongoza nokuthenga nakubona kodwa phela nilandela imigomo ye-World Health Organisation ukuze nomnotho wezwe bebekwazi ukuthi basidayisele nithenge nakubona. Ngiyabonga.
UNGQONGQOSHE WEZEMPILO: Somlomo ohloniphekile, umbuzo welungu elihloniphekile uthi, sesiqalile ukubhekisisa ukuthi kulaba abakhona eNingizimu Afrika banganani abanazo lezi zinto eziyizidingo ezivela ngenxa yalo mkhuhlane we-Covid-19. uma sibala sithola ukuthi kubantu noma ezintweni ezingamaphesenti ayikhulu, yishumi kuphela elitholakalayo lwamaphesenti elitholakayo eNingizimu Afrika. Lokho-ke kusinikeza umthwalo wokuthi sekufanele siqinise kulaba abaseNingizimu Afrika okuyibona abakhiqizayo ... [Akuzwakali.] noma izinsiza zokwenza ama-test okuhlola ema-laboratory noma labo ababheke nezimpahla zokwembatha zokwenza ukuthi kuvikeleke ukuthi igciwane lingasuleleki kulowo ohlengwayo.
Lokho kukonke kukhomba ukuthi kulaba abaseNingizimu Afrika konke abanakho sizokwazi ukuthi sikuthenge kodwa okubalulekile manje ukukhulisa izimboni zokukhiqiza kulabo ikakhulukazi abaseNingizimu Afrika, sivule futhi nethuba lokuthi mabande nabo osomabhizini abamnyama okuyibona abekade bengekho emathubeni kusosonke lesi sikhathi nabo kucace ukuthi kulo mkhankaso nabo baneqhaza abalibambayo ukuthi babe nezinto abazozikhiqiza, babe nezinto esizozithenga kubo.
Okwamanje inani elikhulu lezinto esizithengayo sizithenga kubantu esibabiza ukuthi ngo-middlemen ngoba baya-supplyer kodwa bakuthatha kwamanye amazwe konke. Ngakhoke ngokunye kwezinto esizibhekile ukuthi kubekhona ukuguquka kwesimo somnotho ngokuthi babe nengxenye abamnyama nosomabhizinisi abancane yokuthi kubekhona abakwazi ukukuzuza kulolu hlelo. Ngezinye zezinto esizisebenzayo-ke kodwa sisifundise okuningi lesi sifo se-Covid ukuthi singayekeleli ukuthi likwazi ukuzenzela okuningi eliyokudinga mhla isimo sixakile ngoba namhlanje amazwe ahlukahlukene asefuna ukuthi agodlele ngakuwona. Imishini esiyisebenzisayo yokuhlola eNingizimu Afrika ikakhulukazi iqhamuka e- Melika, manje i-Melika ivele yavala ngakhoke sigcine sisizwa ngelinye ifemu elise-Sweden. Ngakhoke sesizama ukubheka-ke ukuthi ngobani abakhona abase- China, abase-Russia, abase-Korea, kuyacaca ukuthi uma besikwazi ukuzimela ngabe namhlanje asikhali kakhulu kukhokonke esikudingayo kulesi sifo.
Ngakhoke umbuzo wakho uyiwona ukuthi kufanele sibheke ngale kwesifo sibheke ukuthi izwe liyakwazi yini ukuzinza ngokuzimela ezintweni lapho kuzoba nezidingo eziphambili uma sixakwa yizifo ezixakile njengalesi. Siyabonga.
Question 163: