Sihlalo, Sekela Ngqongqoshe, ngiyadabuka nje ukukusho lokhu ukuthi sikhathazekile njengomphakathi ukuthi la ezindaweni lapho esihlala khona kuhlala njalo kunemigqa, kunakho konke ngoba abekho abantu abaqashiwe ukwenza umsebenzi. Ngikhuluma la ngabahlengikazi nodokotela ukuthi ufika njalo kunemigqa ngisho emakliniki, ezibhedlela le ezakithi emakhaya. Akwenzeki lutho ngoba abekho abantu abawulungele umsebenzi. Ngiyabonga.