Ngibingelela ubuholi be-EFF, ngibingelela amalungu e-EFF emakhaya kanye nomphakathi uwonke, isifo sofuba ingenye yezifo ezihlasela iningi labantu abamnyama eNingizimu
Afrika. Iningi lalaba bantu basebenza ezindaweni ezifana njengezimayini lfuthi akulula ukuthi bathole usizo.
Ngiqhamuka eNdwedwe KwaZulu-Natal. Abantu bayashona futhi ayikho into esiyenzayo njengaleNdlu ukuthi sibafundise ukuthi bangazivikela kanjani beyimiphakathi. Njengoba ngishilo ukuthi ngiqhamuka KwaZulu-Natal, iKwaZulu- Natal yaziwa njengesinye sezifundazwe esinesibalo esikhulu umangabe sikhuluma ngezifo ezifana no-HIV ne-Aids. futhi siyazi ukuthi umangabe unesifo se-HIV ne-Aids uphila usethubeni lokuthi uthole izifo eziyimixhantela ezifana naso isifo sofuba.
Izimo abantu abaphila ngaphansi kwazo zinyantisa igazi kepha lo Hulumeni wabathembisa impilo engcono eminyakeni engamashumi amabili nanhlanu eyadlula. Lo Hulumeni awunalo ulwazi ukuba kumele wenzenjani ngezempilo. Sifundisa ngenhlanzeko kepha abantu bahlala ezimweni abangakwazi ukuthi bahlanzeke kuzona. Abantwana bethu basafunda ezikoleni ezisenezakhiwo za- asbestos and basasebenzisa izindlu zangasese zemigodi, abanawo amanzi. Abakwazi nokugeza izandla uma bephuma ukuyozikhulula ezindlini zangasese.
Imikhukhu yethu indle igijima emigwaqeni and abantu bahogela konke lokhu kungcola Uthi lohulumeni ukulashwa kwesifo sofuba kumahhala, ngiyavuma kumahhala kepha uya kanjani emtholampilo ukuthi uyoyhola imishanguzo yesifo sofuba, imitholampilo ikude, abantu bayagibela zonke izinsuku ukuze baye emitholampilo, imali abanayo, abasebenzi, abantu balambile. Kungesinye sezizathu ezenza ukuthi abantu bashone.
Ngibona kungenye indlela lo Hulumeni weqembu elibusayo ohlulekayo ukuthi alekelele abantu ukuthi bakwazi ukuphila. Iminyango ayisebenzisani, ngikhuluma ngoMnyango Wezemfundo, uMnyango Wezempilo, Umnyango Wezokuhlaliswa Komphakathi.
Lo Hu|umeni ulinda ukuba abantu baze baye emitholampilo ukuze bathole ukuthi bayagula banesifo sofuba. Ayikho indlela yokuthi lo Hulumeni uye kubantu uyobafundisa uyobaxwayisa ngalezi zifo awunayo indlela yokuya kubantu ubafundise ngezindlela zokuvikela izifo. I-Cuba inenani eliphansi kabi labantu afayo ngenxa yesifo sofuba. Isizathu salokho yingoba uHulumeni wase-Cuba ugxile kakhulu ekusindiseni izimpilo zabantu, awugxilile ekwenzeni imali. Sidinga ukwakha imitholampilo kuwo wonke amawadi ukuze wonke umuntu akwazi ukufinyelela ukuthi aye emtholampilo.
Sidinga ukuba abantu abafundisiwe ukuba baye eMtubatuba, baye e-Vembe, baye -Engcobo, baye e-Nkangala nazo zonke izindawo ezisemakhaya ukuze bakwazi ukufundisa abantu bethu nokuthi babaqwashise ukuthi lesi sifo silekelelwa kanjani, sivinjelwa kanjani ukuthi singene kuwena.
Akumele abantu ukuthi babone izikhangiso ngesifo sofuba ngoba nakhu sebe semitholampilo. Kungani kungabikhona izikhangiso emgwaqeni, ezitobhini zamabhasi, emarenki nayo yonke indawo abantu abahamba kuzona. Ngisho nasezikhungweni la abantu abalanda khona izibonelelo zabo zakwa-SA Social Security Agency, Sassa, yindababa zingekho izincwajana abantu abanikezwa zona ukuze bakwazi ukuthi bafundiswe ngesifo sofuba.
Kungani lo Hulumeni ungenzi njengezinkampani ezinkulu, izinkampani ezidayisa utshwala ngoba utshwala ubuthola yonke indawo, bayakwazi ukubuyisa kuwo wonke amakhona akhona eNingizimu Afrika, nathi sidinga ukwenza njalo. Sidinga ukuba nenndlela yokkuhambisa imiishanguzo yesifo sofuba kubantu bethu ngendlela izinkampani ezenza ngakhona. Angeke siyinqobe lempi yesifo sofuba uma sizolinda abantu kube yibona abeza emitholampilongoba abantu vele abezi emitholampilo. Kumele
thina siye kubantu zinsuku zonke , ngezikhathi zonke uukuze sikwazi ukuvikela lesi sifo esibulala abantu kangaka. Ngiyabonga. [Ihlombe.]