Ngizwa nginokukhulu ukuphoxeka ngoba lana umhlonishwa wethu lana ukhulumela abantu abasemakhaya hhayi ngesiNgisi kodwa ngesiZulu. Bengicela aphendule ngesiZulu. Uyasazi isiZulu, hhayi indaba yokucasha ngesiNgisi. Uma bekhankasa, bakhankasa ngezilimi zomdabu. [Ihlombe.]
UNGQONGQOSHE EHHOVISI LIKAMONGAMELI: UMongameli wezwe
uthe ukuze silwisane nendlala silwisane nokuhlupheka uzokwenza konke okusemandleni wakhe ukuthi kube nabantu abafaka izimali ezweni. Izimali ezithi azifike kuR1,2 thriliyoni kuleminyaka emihlanu ezayo. Kulonyaka lo esikhuluma ngawo kulokhu uMongameli akukhulumile abantu abafake izimali sebafake izimali ezingamabhiliyoni angu363 ukuze abantu abantu bakithi bathole imisebenzi. [Ihlombe.]
Ngingasakhulumi ngalonyaka nje kuphela. Kulonyaka lo ophelile kwingqungquthela yokutshalwa kwezimali ebeyenzwe nguMongameli futhi, abantu abafaka izimali abakhona eNingizimu Afrika abavela ngaphandle bafake amabhiliyoni angama-300 ukuze kwakhiwe amathuba emisebenzi. [Ihlombe.] Ngakho ke siyabona ke ukuthi impela lohulumeni kakhongolose uzimisele ukwenza amathuba emisebenzi nokwenza ukuthi intsha yethu yaseNingizimu Afrika ithole imisebenzi ngenxa yalokutshalwa kwezimali okwenziwe ezweni. [Ihlombe.]