Nqgonqgoshe ake siyikhulume ngesiZulu lendaba ngoba manje uma siyikhuluma ngesiNgisi kukhona lapho silahlekelana khona. Sikhuluma ngodaba olubucayi kabi lokulwisana namathuba omsebenzi, ubuphuya nenhlupheko yabantu. Manje nina Ngqongqoshe nihlala
laphaya egunjini okubanjelwa kulo imihlangano nicabangele abantu abahluphekayo, nibhale nithi nalu ucwaningo. Nibhekise izinto ocwaningweni enilwenzile.
English:
You must be practical.
IsiZulu:
Manje wena njengoNgqongqoshe obekade uthi ubandlululo luphelile. Nina njengohulumeni ka-ANC, uhulumeni wentando yeningi nenza izinto zenzeke. Laba bantu abahluphekayo ababhuqwa yindlala nsukuzonke, nina nishaywa umoya laphaya njengoNgqongqoshe beKhabinethi nenza kanjani ...
English:
... to address this thing because you must be worried instead of coming here and talk big English while our people are suffering.
IsiZulu:
USIHLALO WENDLU (Mnu M L D Ntombela: Siyabonga mhlonishwa.