ZEZENDABUKO: Hhayi ke, angazi nami ukuthi ngizothini kodwa siyathemba ukuthi ngeke bacishelwe ugesi. Siyathemba ukuthi uNgqongqoshe lo wezimali, nathi nomasipala sizozama ukuthi bangacishelwa, kodwa anginaso iseluleko kubahlali. Ngaphandle kokuthi sizozama ukuthi umasipala u-Eskom angawucishi ugesi, acishele abantu abakhokhayo ngoba uma abahlali bekhokha akufanelanga ngokomthetho bacishelwe ugesi. Ngakho ke kufanele kuxoxwe nomasipala kodwa uMamusa vele ungumasipala nje osenkingeni. Uma ngabe uyakhumbula useze wafakwa kusiGaba 139 C ngoba kunenkinga kakhulu. Sekuze kwathiwa kuncono uhlakazwe kuyokhethwa kabusha ngoba kunenkinga enkulu eMamusa. Ngiyabonga.