UMongameli nayizolo ubephinda leyonto ngezikhathi siseWaterburg yokuthi uSekela Mongameli lo ohleli laphaya wayexoxa indaba yokuthi ngesikhathi esewuNdunankulu laphaya eMumalanga, kwathi ezihlalele ehhovisi. Wezwa sekuthiwa kukhona uNgqongqoshe osefikile kwenye indawo khona laphaya eMpumalanga uzokwethula umklamo ophezulu kkwezigidigidi ezi-2 zamarandi kodwa yena ewuNdunankulu engazi. Sengisho ukuthi akuwona amakhosi nezinduna kuphela ebezingazi. Bekusetshenzwa nje - yilowo ezisebenzela - yilowo ezisebenzela. Manje sifuna kusebenze wonke umuntu kanye kanye.