Madam Speaker and the Deputy Speaker ...
IsiZulu:
... ngimi la ngifisa ukukhuluma ...
English:
... on behalf of the NFP president, V Z Magwaza.
IsiZulu:
Uthi, uyanibongela ngokuthi namhlanje ...
English:
... you have been elected as the Speaker and Deputy Speaker.
IsiZulu:
Uthi, ufisa ukuthi lo msebenzi ningawubamba niwuphathise okwezikhali zamaNtungwa.
English:
To our elected, hon President, Matamela Ramaphosa ...
IsiZulu:
... uthi, uNkosikazi V Z kaMagwaza-Msibi uzizwa ethobekile wukuthi uphinde wathola ithuba elifana naleli lokuthi uqokwe bese uhola izwe. Uthi, abantu baseNingizimu Afrika bakhombise ukukwethemba. Ukhumbule Mongameli ukuthi akusibona abantu abangu-ANC kuphela abakhombise ukukwethemba. Ukhumbule Mongameli kunabantu emakhaya la sisuka khona njengoba kuzoqala ubusika abangeke bawathole amanzi. Ukhumbule Mongameli ukuthi kunabantu abakuvotele bengenawo umhlaba. Ake silusheshise-ke udaba lomhlaba. Abantu emakhaya baswele bahluphekile, ungakushayi indiva lokho. Ukhumbule Mongameli ukunxusa ondunankulu ezifundazweni aholwa ngu-ANC, ngoba intuthuko bayiletha inkethabakhona. Kunezindawo la uma ungeyona i-ANC ongeke
uyithole intuthuko. Yimpilo esesiyiphilile iminyaka engamashumi amabili nesihlanu.
English:
Now, as the NFP, we are saying, we want you to make a change and we want to see change.
IsiZulu:
Sikufisela inhlanhla, siyokwezeka kukhokonke oyokwenza okuyothuthukisa, ukhathalele abantu baseNingizimu Afrika. La okumele sikusekele khona, siyokusekela, la okuyobe kungahambi khona kahle, siyosho Mongameli ukuthi, lokhu akukuhle. Inhloso yethu siwu-NFP, sifisa ukubona izwe lethu iNingizimu Afrika lidlondlobala likhula ngisho nakwezomnotho.
English:
We thank you. [Applause.]