Mangibonge kakhulu Sihlalo, mhlonishwa Ngqongqoshe kube nokukhala okukhulu emphakathini ngesimo sokuthi abantu abakwazanga ukubona imidlalo ebebekade befisa ukuyibona ngenxa yezivumelwano ebezingekho kahle phakathi kwaSABC no-PSL. Ngizama manje ukubheka ukuthi uNgqongqoshe kusukela manje ukuya phambili zikhona yini izindlela zokuthi aqaphe noma ahlole isivumelwano esikhona manje ukuze kusasa kungenzeki okwenzeke manje. Ngiyathokoza.
UNGQONGQOSHE WEZEMIDLALO NOBUCIKO NAMASIKO: Siyabonga Matshana
siyasizwa isikhalo njengoba usibeka, besisizwile nasekuqaleni. Yingakho sathi asingenelele. Ekungeneleleni ke njengoba sengishilo ekuqaleni, sithe akungabi isivumelwano esenzeka manje emveni konyaka bese sibuyela emuva la ebekade sikhona. Yingakho siye savumelana ukuthi ake singakhulumi ngendaba yesivumelwano kuphele iminyaka ize ibe mihlanu, sekuyobonakala emveni kwalokho. Yileyo ndlela ke esizokwazi ukubheka ngayo ukuthi bayakwenza lokhu esivumelane ngakho ukuthi abantu bakithi bangahlupheki. Yiphuzu elibalulekile lelo olishoyo. Le emakhaya abanye abantu abanawo nomabonakude, balalela imisakazo yabo.
Manje uma uqeda lokhu abakuthandayo emsakazweni uzokuqeda futhi nakomabonakude kuba yinkinga enkulu ke leyo. Ngakho ke siyalijabulela ithuba esikulona njengamanje sifuna lokhu kuqhubeke bajabule abantu bakithi. Ngiyabonga. [Ihlombe.]
English: