Sihlalo, kuyangijabulisa ukuthi uNgqongqoshe uyayibona inkinga ukuthi ikhona ekuthuthweni kwabantwana ngoba le nkinga le indlela enkulu ngakhona ifaka izimpilo zabantwana
encupheni ngoba unyaka nonyaka uthola ukuthi kunezingozi zezimoto. Lamaphesenti angama-33 okwaziyo ukuthi uthathwe uthola kuthi amaphesenti angama-67 kugcina abazali bethathela abantwana imoto yokuthutha yangasese okungukuthi iningi lazo alikho emthethweni, zigcwala kakhulu futhi zenza izingozi eziningi. Kungangijabulisa kakhulu uma uNgqongqoshe engabuyisa ithemba kubazali ukuthi ngowezi-2020 ngeze zibekhona izingozi ngoba sinalo isu esandleni ukuthi sikwazi ukulungisa zonke lezinkinga ukuthi abantwana bethu bangashoni. Izinga lokushona kwabantwana likhulu kakhulu Ngqongqoshe. Yilwa Ngqongqoshe. Ngiyabonga
UNGQONGQOSHE WEZOKUTHUTHA: Ngivumelana nawe lungu elihloniphekile
... [Uhleko.] anginamazwi ukugcizelela lento oyikhulumayo. Ngakho ke ngisho lento ebengishilo ukuthi kuzofuneka siyibuke uma sibhekene nale nqubomgomo sikwazi ukuthi siyilungise. Ngiyabonga.