Mhlonishwa, ngithi nami angisukume egameni le-EFF ukuthi leNdlu:
ike ikhulume ngokulandelayo ngodaba lwezempilo nezenhlolofuzo kanjalo nama-ambulensi njengoba
kunenkinga ekhona laphaya eThekwini ku-Gale Street la uthola khona ukuthi abantu bayahlukunyezwa laba abasebenza khona emakhazeni, abanazo izintsiza zokusebenza. Ngicela ukuthi kukhulunywe ngabo. Ngiyabonga.