Sihlalo, Sekela Mongameli, ngithanda nje ukuthi ngifakazise ikakhulukazi eKwazulu-Natal ukuthi, cha, izigceme zonke zinazo izikhungo zenhlekelele.
Sinazo nje, okumnandi, ukuthi sinawo uMnyango Kahulumeni Wokubambisana kanye Nezindaba Zezendabuko oholwa umfana omncane wakaHlomuka ogijima aze abashe abemfushane aqikelelele ukuthi kuwowonke amakhaya bayakwazi ukuthi izinhlelo zokuqwashisa umphakathi ngesimo sezulu kubanjani.
Siphinde sibe noMnyango Wezokuthuthukiswa Komphakathi, umama uKhoza nangu la emuva kwami, ugijima aze abe mufushane kulezi zikhungo ukuxe aqikelele ukuthi uma sekuqale lesi simo zonke izimo zime ngokuhle. Bese kuba ... [Ubuwelewele.] hhayibo ngiyandlalela, ezolimo la emuva kwami, umhlonishwa u- Sithole-Moloi ogijima naye aze abe mufushane ngezolimo, ezoqwashisa omama basemakhaya isikakhulu ukuthi ymangabe inhlekelele ifika kubanjani.
Bese kubakhona uMnyango Wezemisebenzi Yomphakathi, u-Fraser, ngiyeza ngawo, okuwuyena obonelela ukuthi izakhiwo ezikhona, thina-ke eKwazulu-Natal, kwaziwa ukuthi abantu uma inhlekelele ikhona la, abantu bayangena la, ukuthi abantu baphephe babekahle.
Sekela Mongameli, bese-ke ngiyabuza-ke la, yiyiphi inqubekela phambili uHulumeni eseyenzile ekwakheni izingqalasizinda zezakhiwo ezibhekene nesimo sezulu na? Nokuthi likhona yini iqhinga lokuqinisekisa ukuthi izwe lethu selisesimweni sokuqondana nezimo ezimbi kakhulu kulezi zinhlekelele zemvelo? Ngiyabonga, Sekela Mongameli.
USEKELA MONGAMELI: Cha! Ngiyabonga. Izimo lezi ziyehlukana futhi nje ngeke ngithi likhona izwe elithi likulindele ukubhekana nanoma ngabe yisiphi isimo. Izimo lezi ziyehlukana kodwa kunezinto okufanele
ukuthi siziqaphele sizilungise kodwa kubakhona okuba ngaphezu kwamandla ethu.
Kodwa, into yokuqala ukuthi kufanele ukuthi yonke into ezosivelela ezosehlela sikwazi ukuyibona iseza. Ukuze sizilungiselele kufanele kube nalento esithi i-early warning system sikhone ukubona ukuthi uma kunesiphepho esizayo, sizokwenza lokhu, sizokwenza lokhuya bese abantu sibathuthe endaweni ethile sibabeke endaweni ethile.
Ziyenzeka lezi zinto lezi umhlaba wonke kodwa siyibona inhlekelele iseza bese siyalungiselela bese impilo, abantu, bayathuthwa bayobekwa endaweni ephephile ize idlule leyo nhlekelele ngoba inhlekelele le isuke idalwe isimo sezulu. Esinye isimo lesi singaphezu kwamandla ethu thina bantu esiphila emhlabeni.
Ngoba ngishilo ukuthi, yebo, kufanele sikubone kuseza, i-early warning system, kubekhona futhi lokhu esikulungiselele ukuthi umangabe kubakhona isimo somlilo sikwazi ukuwucisha umlilo. Uma kubakhona isimo sezikhukhula, imvula ibe isibaningi ngokwedlulela kubekhona esingakwenza, sibe namandla athile okuthi sibhekane naleso simo.
Kodwa, ekugcineni kwakho konke singaba nawo amandla okubhekana nesimo sikwazi futhi ukubona ngaphambili ukuthi kuzokwenzeka lokhu nalokhuya. Kodwa, into ekufanele siyiqikelele siyiqaphele yizenzo zethu.
English:
The way we behave on a daily basis as we interact with nature. We must be careful that our interaction with nature affects nature. It affects nature in a very negative way.
Question 12 (cont):
The DEPUTY PRESIDENT (Contd.): In fact, it deteriorates nature.
IsiZulu:
Manje-ke uma umhlaba wethu ulahlekelwa ukuba umhlaba onothile, uma umoya wethu ulahlekelwa ukuba umoya esingawuphefumula, uma amanzi wethu alahlekelwa ukuhlanzeka kwawo bese kulimaza impilo, sekulimaza umuntu. Umuntu ophuza lawo manzi, umuntu ohogela lowo moya, njengoba sikhuluma, laphayana eNdiya, basenkingeni enkulu ngoba abasakwazi ukuphefumula. Umoya sewungcole kakhulu. Abasazi nabo ukuthi bayophuma kanjani. Kodwa, izinto ababezenza nsuku zonke bezisebenza nokuphikisana nokuhlanzeka komoya.
Njalo nje izinto abazenzayo nsuku zonke zingcolisa umoya. Bathe bayavuka ngelinye ilanga ayi umoya sewungcole kakhulu. Okwamanje-ke sekufanele basebenzise imali eningi ukuze bazame ukuthi umoya lo uhlanzeke. Ngoba abantu sebayalimala, sebayagula. Abantwana balahlekelwe ngamalanga athile okuya esikoleni. Kuphele cishe amaviki amabili noma izinsuku eziyishumi abantwana bangakwazi ukuya esikoleni. Futhi ukungayi kwabantwana esikoleni hayi ukuthi kuzosishintsha isimo. Sebe kwisimo esibi. Vele abantwana laba bazogula. Lesi sizukulwane sizothinteka ngalezi zenzo ebezenzeka isikhathi eside sokungcolisa umoya.
Manje-ke, kubalulekile ukuthi thina sonke kufuneka sisukume sikhuze uma sibona umuntu engcolisa umfula, sisukume sikukhuze lokho. Uma sibona umuntu engcolisa umoya, sisukume sikukhuze lokho. Uma sibona umuntu ebulala umuthi laphaya, umuthi lowo, isihlahla lesi siwukulinganisa kule mvelo. Uma sibulawa leso sihlahla kufanele sikukhuze lokho.
Kuningi ke esingakwenza singayekeleli kuphela kuMnyango Wezemvelo, Amahlathi kanye Nezezinhlanzi. Sonke ...
English:
... if we can act together, but in the main, the biggest polluter in the world currently, is government.
IsiZulu:
Uhulumeni iwona ongcolisayo. Nathi thina abantu siyangcolisa njengoba sasikhuluma ngomfula i-Vaal, njengoba sasikhuluma ngo- Eskom, yizenzo zethu. Manje ke imiphumela yalokho ...
English:
... they are very disastrous, they are very dangerous to the life of the ordinary people, dangerous to the life of the nation. Thank you very much. [Applause.]