Sekela Mongameli, akusiyona imfihlo ukuthi abantu abaningi abazuzayo yilaba bantu bezolimo ikakhulukazi abalimi abakhulu. Iningi labantu alikwazi ngisho nokutshala ukuze bakwazi ukubeka ibhodwe eziko baze baye ezitolo bayothenga. Singabaxwayisa abantu ngalezi zinguquko zezimo zezulu kuze kubuye iNkosi kodwa kuzokwenzeka futhi akukho esingakwenza ngalokho. Umbuzo wami-ke ukuze ukwazi ukuthi ungiphendule kahle ukuthi, uzokusheshisa nini ukuthi ubuyise umhlaba kubantu ngoba abantu bethu abakwazi ngisho ukutshala ngenxa yokuthi umhlaba abanawo?
Nanokuthi lobu buchwepheshe obusetshenziswa ngamanye amazwe ukuthi bakwazi ukutshala ngisho noma kukhona izomiso, la eNingizimu Afrika sizokwazi nini ukuthi sibanikeze abantu lobo buchwepheshe ukuthi bakwazi ukutshala ukuze bakwazi ukondla bona kanye nemindeni yabo? Ngiyabonga.
USEKELA MONGAMELI: Siyabonga. Cha, kubalulekile ukuthi nanoma-ke sibheka ukuthi umhlaba kufuneka ubuyele ebantwini, kufuneka futhi sibheke ukuthi uma sesiwulethile lowo mhlaba loyo ebantwini bayakwazi yini ukuwusebenzisa ngendlela efanele. Bayakwazi futhi ukuthibawugcine umhlaba lo usesimweni esiwulungele ukuthi ungakhiqiza ukudla.
Ngoba-ke uma sikhuluma ngalokhu kuguquka kwesimo sezulu sikhuluma ngezinguquko ezibakhona ngenxa yezenzo zethu. Namuhla-ke siwuphendule umhlaba lo sawenza izindawo zokulahla udoti. Kukhona izinto eziningi esizifaka la emhlabathini bese ziyawubulala lomhlaba ukuthi ungabe usakhiqiza.
Ngakhoke, singamane sijahe nje ukuthi silethe umhlaba. Kufuneka sifundise abantu ukuthi, uma wenza lokhu, uwawulimaza umhlaba lo, ngeke kwazi futhi ukuthi uphinde uthole ukudla kulowo mhlaba.
Ngakhoke, ibalulekile indaba esixoxa ngayo, ukuguquka kwesimo sezulu elethwe yizenzo zethu.
Izinto esizenzayo ekuphileni kwethu, indlela esiziphatha ngayo, iyayilimaza imvelo bese kwenzeka izinto ebesingazazi ukuthi, hhawu, phela la kulo mhlaba sasithi uma sifake imbewu bese kubakhona okumilayo kodwa manje akusamili ngoba kunezinto esizenzilo kulo mhlaba sawubulala.
Kubalulekile-ke ukuthi sisukume sonke sibambisane sibafundise abalimi ikakhulukazi laba abalimayo ukuthi uma befuna ukuwugcina ukhiqiza umhlaba wabo, kufuneka bangakwenzi lokhu, benze lokhu benze lokhuya. Ngiyabonga.