Ngiyabonga Sihlalo, Mhlonishwa Sekela Mongameli uma ngempela ziyiqiniso lezi zinto zokuthi oNgqongqoshe bayaqhubeka nokushaya indiva imibuzo evela kumalungu, lolu daba olubucayi loMthethosisekelo esingeke siluthathe kalula. Ngakho ke kubalulekile ukuthi le Ndlu nabantu baseNingizimu Afrika bahlomule ngokuthi bazi izinto ezimbili njengoba ubusuchazile. Manje umbuzo wami Sekela Mongameli uthi: Ngabe uSekela Mongameli usetsheliwe ngenqubo emisiwe yemibuzo? Ingabe le mibuzo yathunyelwa ngendlela ehambisana nenqubo yokuthunyelwa nokuphendulwa kwemibuzo ngendlela ehambisana nemithetho esunguliwe kule Ndlu? Ingabe le mibuzo iyavela uma ibekwa ephepheni lemibuzo? Kuyisiphakamiso ke sami ukuthi uma uSekela Mongameli engenayo le mibuzo, sikuhlehlise ukuphendulwa kwayo bese sibuya sithola impendulo kungekudala.