Sekela Sihlalo, Sekela Ngqongqoshe, isibalo sabantu abashonayo emigwaqeni kuyimbhangela yamaloli lawa athutha impahla ngoba alimaza umgwaqo futhi iwona enza ukuthi kube nezingozi eziningi emgwaqeni. Ngakhoke, umuntu ulindele ukuthi mhlawumbe uNgqongqoshe asitshele isikhathi okuyisonasona sokusheshisa ukuthi impahla ithuthwe kakhulu ngezitimela kunokuthi ithuthwe emgwaqeni ngoba kubulala abantu abaningi. Ngakhoke, umbuzo uthi, uNgqongqoshe ikuphi abakwenzayo njengomnyango? Ngiyabonga.
English: