Sihlalo, Xhamela, ngicela ukwazi ukuthi uma kuqala lezi zinhlelo ngakube ezindaweni lezi othola ukuthi zakhelene namadolobha noma kumbe amalokishi noma izindawo othola ukuthi kukhona okwakhiwayo mhlawumbe kwakhiwa izimayini kodwa lezo zindawo ezingaphans kwamakhosi ngoba nakhona sekuqalile nakhona ukuthi kube nemikhukhu, ngakuba amakhosi nabantu nje abahlala kulezo zindawo nobuholi bomdabu niyaxoxisana yini nabo kulezo zindawo? Ngiyathokoza kakhulu.
The MINISTER OF HUMAN SETTLEMENTS, WATER AND SANITATION: Thank you
very much, hon Ngwezi ...
Isizulu:
... ngingathokoza zakwethu Ngwezi ... [Ubuwelewele.] umangabe ungasisiza ukuthi sihlangane namakhosi siyikhulume lento. Sithi uma siyikhuluma lento bese sifake nale yamatayitela kulo mhlaba okungowamakhosi. Kuningi esifuna ukukukhuluma namakhosi. Kodwa-ke
lokhu okhuluma ngakho, lokhu kwemikhukhu kule mihlaba yamakhosi yinto nathi esesiyibhekile ukuthi izosixaka.
Yikho lokho ngikubiza uzakwethu ngoba ngiyakubona ukuthi umqondo wakho uhamba kahle, uhamba ngale ndlela le efanele ... [Ubuwelewele.] uyayazi into ekufanele siyenze. Ngizozwa ngawe-ke uma usuhlangene namakhosi. Ngime ngomumo uma ungasisiza.
Question 251: