Inhlosongqangi yohlelo lokunakekela izingane ukweseka kanye nokuvikela abantwana abahlukunyeziwe. Ngaphandle komyalelo wenkantolo osonhlalakahle abakwazi ukuqinisekisa ukuthi abantwana bayavikeleka. Okunye futhi okwethusayo, ukuthi ngaphandle kwalemiyalelo yenkantolo abantu abanakekela izingane ngaphansi kohlelo lokunakekela izingane abakwazi ukuthola isibonelelo sokunakekela izingane. Lokhu kwenza ukuthi izinkulungwane zabantu abanakekela izingane ezihlukunyeziwe bangabi nawo amandla okwenza loko njengoba beshodelwa yizimali. Lesi yisimo esingamele sisivume futhi esingamukelekile. Kumele uMnyango Wezokuthuthukiswa Komphakathi ulusukumele lolu