Ngibonge Sihlalo, siyi-EFF sizizwa siphathe kabi kakhulu ngendlela amaKhosi omdabu aphethe ke ngayo kambi. Endaweni yaseMzimkhulu kunamaKhosi asenkingeni yokuthi azibona iqhaza alidlalayo lingahloniswa noma ilungelo labo abalinikwa ngumdali
Akhala ngokuthi uNgqongqoshe Nomusa Dube-Ncube akahloniphi ubukhona babo njengamaKhosi, ngokuthi athathe abantu abangawona amaKhosi babenamandla adlula awamaKhosi, amaKhansela bawenza abe makhulu kunamaKhosi, okunye futhi abakhala ngakho, yilento yokuluthwa ngeContralesa, lapho kumele njalo kukhulume amakhosi akhethiwe bona abanakiwe ngisho kulethwa intuthuko endaweni bona abathintwa.
Besicela ukudlulisa isicelo eMnyangweni wakwa-Cogta, ukuthi ake ukhumbule ukuthi kithina bantu abamnyama