kube u-Renesha Jugmohan obeyikhansela lakwisigceme u-30 kube u-Comrade Nalene Naidoo-Atwaru obekade eyikhansela lesigceme-23 kodwa manje ubsebenza njengesikhulu sezobudlelwane nomphakathi futhi ewusotswebhu khona we-DA eMsunduzi. [Ubuwelewele.] Bonke bemukelwe ngezandla ezimhlophe ngunobhala wesifundazwe saKwazulu-Natal u- Comrade uMdumiseni. siwuKhongolose siyathobeka ngalesi senzo sokukhombisa ukuwuthemba kangaka umbutho wesizwe. Isango-ke lisavulekile. Isango lokungena ngu-ANC. Wozani nonke. [Ubuwelewele.] Ungalilahli ivoti lakho. Votela i- ANC. Impela kusewuwona lowaKhongolose owakhulula abantu baseNingizimu Afrika. Kusewuyena loKhongolose oshintshe izimpilo zabantu. Miphakathi yakithi, ngomhlaka-8 kuMeyi asiphumeni sonke siyovotela u-ANC ngoba ayikho enye inhlangano eyazi izinsizi zabantu. Votelani i-ANC.