NOKUHLOLA (Dr N Dlamini-Zuma): ngiyabonga lunga elihlonikile uma ngabe abantu befika bezongcebeleka, bezovakasha kuleli, okuqala bafike bafune izindawo zokuhlala bakhokhe, uma bedla bayakhokha, ezokuthutha bayaziyakhokhela futhi nalapho, uma bevakashela izindawo ezibalulekile bayakhokha, kushukuthi ngaleyo ndlela baletha imali kanti nezindawo abasuke bekuzona kwakheka imisebenzi, ngoba lapho bekhona bayasilekelela ekwakhiweni kwemisebenzi.Kusho ukuthi abantu abavakashayo batshala izimali kuleli.