Kodwa-ke kudinga ukuthi-ke nenkohlakalo kulwiswane nayo, nokusebenza kukaHulumeni ikakhulukazi, kubhekisiswe ukuthi akucindezelwi abantu kodwa ikakhulu kakhulu, abantu okumele sibacabangele, abantu bakithi, okuyibona abagcina sebeyizisulu zokuthi ukuqoqeka kwentela nokusebenza kwemali esuke seyiqoqiwe akufinyeleli kubona ngendlela efanele bese bezibona sebegqilazekile. Ngakho, lokhu esikukhuluma nala, ukuqoqeka kwaleyomali uma kogcina ukuthi leyomali iqoqelwa ukuthi idliwe, intshontshwe, hhayi, kuyobe impela senza umjika-joe ongekho ezingeni elimukelekayo.