... sesiya okhethweni ngomhlaka 8 kuMeyi, nginxusa bonke abantu abakhubazekile baseNingizimu Afrika ukuthi baphume ngobuningi babo bayovota bavotele uKhongolose ngoba i-ANC ... [Ihlombe.] iwona umbutho oselokhu waqala unamaLungu ePhalamende akhubazekile, akukho ngisho neyodwa inhlangano ekwenzile lokhu ... [Ihlombe.] kule minyaka engamashumi amabili nanhlanu yombuso wentando yabantu. Ngimangele uma umhlonishwa u-Malema eloku egcizelele ukuthi uzosiza abakhubazekile, ukuze ngempela ngibone ukuthi ubeqinisile kwisimemezelo esishicilelwe sezinhloso, izisusa, noma imibono yabo akube khona amalungu ePhalamende akhubazekile kulama bhentshi abo emuva kokhetho. [Ihlombe.] kanye ne-DA ayenze okufanele ingagcini ngokufuna amavoti abo kodwa ababekhona la ngaphakathi ePhalamende. Bayeke ukulokhu besixoxela