Ngiyabonga Sihlalo weNdlu. Kunenkinga enkulu laphaya eThekwini selokhu kwakhiwa ngonyaka we-1992 ayikho ingqalasizinda. Abantu abahlala ewadini le-19, 20 kanye 22 uma befuna ukuyozikhulula baya ehlathini, abanazo izindlu zangasese. Abanawo ugesi, bapheka ngama-primer stove. Uma kufanele bakhanyise bakhanyisa amakhandlela - okuyingozi ebantwini abadala nasebantwaneni kodwa abaholi bonke balaphaya emkhandlwini ngabe-ANC futhi bakwazi konke okwenzekayo.
Okunye, kunombiko kaManase esingazi ukuthi uphelelaphi. Abantu balapha eNingizimu Afrika abakhululekile neze. Uhulumeni we-ANC akacabangele abantu. Abantu abanayo imisebenzi futhi nemisebenzi ekhona ngeyesikhashana. Kusasa abantu bazomvukela uhulumeni ngoba bengenamisebenzi. Uyazi ukuthi umuntu uyakwazi ukukuvukela esiswini njengotshwala obudla bumnandi kuthi uma sebuxakile esiswini bukuphendukele. Ekugcineni bese kuthi ... [Kwaphela isikhathi. [Ihlombe.] (Translation of isiZulu member's statement follows.)
[Ms M S KHAWULA (EFF): Thank you, Chairperson. There is a huge problem in Durban - ever since the building of houses in 1992 no infrastructure has been put in place. When the people, who reside in wards 19, 20 and 22, want to relieve themselves they have go to the bush, since they do not have toilets. They do not have electricity, so they cook on primus stoves. When they need light they use candles - which is dangerous for elderly people and children, but all the leaders in that municipality are from the ANC and they are aware of everything that is going on.
Furthermore, there is a Manase report which seems to have disappeared. The people of South Africa are not liberated at all. The government of the ANC must be considerate of the people. People do not have jobs and the jobs that are available are temporary. People will rebel against the government in the future because they do not have jobs. You know a person can turn against you like alcohol in the stomach which you take pleasurably and then, when it has gotten into your stomach, it turns against you. In the end it ... [Time expired. [Applause.]]