Mhlonishwa Somlomo, Inkatha ikhathazeke kakhulu ngokubulawa kwabantu abayisithupha eKhutsong. Okusikhathaza kakhulu ukuthi le nto iphatha ubugebengu, kodwa-ke siyawagxeka namaphoyisa ngoba awazange athathe izinyathelo. Lezi zigebengu bezaziwa eKhutsong, baningi abantu okukade basho ukuthi kunobugebengu.
Sizocela ukuthi kube nophenyo olujulile oluzokwazi ukubheka isimo sonke saseKhutsong nanokuthi umsuka wokubulawa kwalabantu usukaphi nanokuthi ubangwa yini. Siphinde sicele ukuthi ezokulungiswa zithathe indawo yawo masishane. Isicelo esikhulu esisibhekise kuNgqongqoshe wezamaPhoyisa ukuthi akube nethimba eliyobheka leya ndawo ngoba ngithe uma ngikuyo ngathola ukuthi ukuthula ngeke kube khona masishane. Ngiyabonga. (Translation of isiZulu member's statement follows.)
[Mr K P SITHOLE (IFP): Hon Speaker, the IFP is very concerned about the murder of six people in Khutsong. What worries us most is that this is a result of crime in the area and the police are to blame since they did take any action. The criminals were well known in Khutsong, and it has always been common knowledge that crime is rife in that area.
We request that a serious investigation of the Khutsong murders be undertaken to find out their root cause. We also request the justice system to speed up the process. Our most important request is to the Minister of Police to send out an investigating team to the area. When I visited it, I realised that it would still be a long time before peace was restored in the area. Thank you.]