Somlomo, okokuqala, ngifisa ukusho ukuthi sihalalisela ukuthula okube khona okhethweni kwaNongoma kodwa kokwenzekile imiphumela ayikagunyazwa ngokupheleleyo ngoba kusekhona okusacutshungulwa yiKhomishana yoKhetho. Ngenhlanhla iqembu leNkatha likwazile ukuphumelela linqobe iwadi eyodwa eMpumalanga.
Ngifisa ukudlulisa ukukhalaza komphakathi nezakhamizi zaseNtambanana ngokukhathazeka mayelana nokonakala kwendawo. Kunokubulawa kwabantu, kumanje sinabantu ababalelwa eshumini nesihlanu asebebulewe. Kunesiteshi samaphoyisa esikhona endaweni yenkosi uMthiyane eMambuka; kunesiteshi samaphoyisa esikhona eNtambanana kodwa akuzwakali lutho olwenziwa ngamaphoyisa, kuhlukunyezwa abesifazane bedlwengulwa kanjalo namantombazanyana. Njengeqembu leNkatha sifisa ukuzwakalisa ubuhlungu ngento eyenzekayo, sibe singakwazi ngisho ukungenelela njengombutho ngoba abantu bayazazi izigilamkhuba futhi zigila imikhuba emini kubuka noma ngubani. Ngiyabonga Somlomo. [Ihlombe.] (Translation of isiZulu member's statement follows.)
[Mr R N CEBEKHULU (IFP): Firstly, Speaker, I would like to express my gratitude with regard to the peaceful voting that took place in Nongoma, but the results are not yet confirmed, as investigations are still being conducted by the Independent Electoral Commission. Fortunately the IFP managed to win one ward in Mpumalanga.
I would like to relay the concerns of the communities and citizens about the terrible state of their area, Ntambanana. People are being murdered; as we speak approximately 15 people have been murdered. There is a police station in the village of Mambuka, under the leadership of Chief Mthiyane; there is another one in Ntambanana village, but the police are silent, and they are not doing their job; and women and girls are being abused and raped. We as the IFP would like to convey our deeply felt hurt about what is happening, and as a party we cannot even intervene, whereas people know the perpetrators since they do this in broad daylight when everybody is watching. Thank you, Speaker. [Applause.]]